1 Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3 Bongani iNkosi yamakhosi,ngokuba umusa wayo umi phakade;
4 yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5 owenzile izulu ngokuhlakanipha,ngokuba umusa wakhe umi phakade;