11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
12 ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13 owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14 owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15 owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
16 owahola abantu bakhe ehlane,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
17 owashaya amakhosi amakhulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;