18 owabulala amakhosi adumileyo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
19 uSihoni inkosi yama-Amori,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
20 no-Ogi inkosi yaseBashani,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
21 owanika izwe labo laba yifa,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
22 laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
23 owasikhumbula sisephansi,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
24 owasikhulula ezitheni zethu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;