6 owendlala umhlaba phezu kwamanzi,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7 owenza izinkanyiso ezinkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8 ilanga ukuba libuse emini,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9 inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10 owalishaya iGibithe, amazibulo alo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
12 ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;