8 ilanga ukuba libuse emini,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9 inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10 owalishaya iGibithe, amazibulo alo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
12 ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13 owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14 owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;