18 Uma bengiyakuyibala,miningi kunesihlabathi;lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.
19 Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu;ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.
20 Bakhuluma ngamacebo ngawe,baliphatha ngeze igama lakho.
21 Jehova, angibazondi abakuzondayo na?Anginengwa ngabakuvukelayo na?
22 Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo;bayizitha kimi.
23 Ngihole, Nkulunkulu,wazi inhliziyo yami;ngilinge, wazi imicabango yami,
24 ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,ungiholele endleleni yaphakade.