1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso:“Akakho uNkulunkulu.”Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo;akakho owenza okuhle.
2 UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantuukucinga ukuba ukhona yini oqondayo,ofuna uNkulunkulu.
3 Baphambukile bonke,bonakele bonke;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.
4 Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi,abadla abantu bami,njengokuba bedla isinkwa,bangakhuleki kuJehova, na?
5 Khona besaba nokwesaba,ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.