3 Baphambukile bonke,bonakele bonke;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.
4 Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi,abadla abantu bami,njengokuba bedla isinkwa,bangakhuleki kuJehova, na?
5 Khona besaba nokwesaba,ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.
6 Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa,kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.
7 Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni.Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakheuJakobe uyakwethaba,u-Israyeli ajabule.