1 Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume;lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.
2 Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho,nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.
3 Jehova, bekela umlomo wami umlindi,ugcine umnyango wezindebe zami.
4 Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embiukuba ngenze imisebenzi yobubikanye nabantu abenza okubi,ngingadli izibilebile zabo.
5 Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;angisole, kungamafutha ekhanda;ikhanda lami malingawenqabi,ngokuba nasebubini babo umkhulekowami uyobe usekhona.