3 Jehova, bekela umlomo wami umlindi,ugcine umnyango wezindebe zami.
4 Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embiukuba ngenze imisebenzi yobubikanye nabantu abenza okubi,ngingadli izibilebile zabo.
5 Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;angisole, kungamafutha ekhanda;ikhanda lami malingawenqabi,ngokuba nasebubini babo umkhulekowami uyobe usekhona.
6 Abahluleli babo bayakuphonswa eweni;bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7 Njengalokhu umuntu elima,eklaya umhlabathi,amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
8 Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami;ngiyakwethemba wena;ungathululi umphefumulo wami.
9 Ngihlenge ogibeni abangibekele lona,nasezihibeni zabenza okubi.