3 Ngokuba isitha siyazingela umphefumulo wami,sicindezela phansi emhlabathini ukuphila kwami;singihlalisile ebumnyameni njengabakade bafa.
4 Umoya wami uphelile kimi;inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.
5 Ngiyakhumbula izinsuku zasendulo,ngizindla ngemisebenzi yakho yonke,ngicabange ngezenzo zezandla zakho.
6 Ngiyazelulela izandla zami kuwe;umphefumulo wami womela wenanjengomhlaba owomileyo. Sela*
7 Shesha ungiphendule, Jehova;umoya wami uyaphela;ungangifihleli ubuso bakho,funa ngifane nabashona egodini.
8 Ngizwise umusa wakho ekuseni,ngokuba ngiyethemba kuwe;ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
9 Ngikhulule ezitheni zami;Jehova, ngicashe kuwe.