1 Makabongwe uJehova, idwala lami,ofundisa izandla zami ukuhlaselaneminwe yami ukulwa,
2 umusa wami nenqaba yami,umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami,isihlangu sami, nengiphephela kuye,nothobisa abantu bami phansi kwami.
3 Jehova, uyini umuntu ukuba umazi,nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?
4 Umuntu ufana nomoya;izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.
5 Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle;thinta izintaba, zithunqe.