11 Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokaziabamlomo wabo ukhuluma inkohliso,nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
12 Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo,namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;
13 lapho izingobo zethu zigcwele,ziveza izinhlobo ngezinhlobo,nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane,yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;
14 lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu,nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,
15 babusisiwe abantu abanjalo;babusisiwe abantu abaNkulunkuluwabo unguJehova.