2 umusa wami nenqaba yami,umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami,isihlangu sami, nengiphephela kuye,nothobisa abantu bami phansi kwami.
3 Jehova, uyini umuntu ukuba umazi,nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?
4 Umuntu ufana nomoya;izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.
5 Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle;thinta izintaba, zithunqe.
6 Imibani mayinyazime, ubahlakaze;thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.
7 Yelula isandla sakho phezulu,ungikhulule, ungophule emanzini amakhulunasesandleni sabafokazi
8 abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.