7 Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu,bahube ngokulunga kwakho.
8 UJehova unesihe nobumnene;uyephuza ukuthukuthela,mkhulu ngomusa.
9 UJehova muhle kubo bonke;uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.
10 Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa,abangcwele bakho bakubonge.
11 Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma,bashumayele ngamandla akho
12 ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandlanenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.
13 Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade;ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.