1 Haleluya!Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;ukudumisa kufanele.
2 UJehova uyalakha iJerusalema;abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.
3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.
4 Uyabala inani lezinkanyezi,azibize zonke ngamagama.
5 INkosi yethu inkulu,makhulu amandla ayo;ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.