11 UJehova uyathokoza ngabamesabayo,abathemba umusa wakhe.
12 Jerusalema, mbabaze uJehova;Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.
13 Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.
14 Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;uyakusuthisa ngokolweni omuhle.
15 Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.
16 Uyanika iqhwa njengoboya;uhlakaza isithwathwa njengomlotha.
17 Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?