9 nani zintaba namagquma onke,nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,*
10 nani zilwane nezinkomo zonke,nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,
11 nani makhosi omhlaba nabantu bonke,nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,
12 nani zinsizwa nezintombi,nani maxhegu nabafana.
13 Mabadumise igama likaJehova,ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme;inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
14 Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe;ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe,abantwana bakwa-Israyeli,abantu abaseduze naye.Haleluya!