10 Bavalelwe ngamanoni abo,bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.
11 Noma siyaphi, bayangizungeza;amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.
12 Unjengengonyama ehahela ukubamba,njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.
13 Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi;sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,
14 nakubantu ngesandla sakho, Jehova,abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila,nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho,nabashiyela izingane zabo okusele kubo.
15 Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni,ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.