6 Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu;beka indlebe yakho kimi,uzwe izwi lami.
7 Bonakalisa isihe sakho esimangalisayowena osindisa ngesandla sakho sokunenelabo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.
8 Ngigcine njengenhlamvu yeso,ungisithe ethunzini lamaphiko akho
9 kubo ababi abangilimazayo,kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.
10 Bavalelwe ngamanoni abo,bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.
11 Noma siyaphi, bayangizungeza;amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.
12 Unjengengonyama ehahela ukubamba,njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.