8 Ngigcine njengenhlamvu yeso,ungisithe ethunzini lamaphiko akho
9 kubo ababi abangilimazayo,kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.
10 Bavalelwe ngamanoni abo,bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.
11 Noma siyaphi, bayangizungeza;amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.
12 Unjengengonyama ehahela ukubamba,njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.
13 Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi;sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,
14 nakubantu ngesandla sakho, Jehova,abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila,nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho,nabashiyela izingane zabo okusele kubo.