8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.
9 Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
10 Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza;washweza ngamaphiko omoya.
11 Ubumnyama wabenza isisibekelo,idokodo lakhe elimphahlayo;amanzi amnyama, amafu anzima.
12 Ekukhazimuleni okuphambi kwakheamafu akhe abanga phambili,isichotho namalahle avuthayo.
13 UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe:isichotho namalahle avuthayo.
14 Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula,nemibani eminingi, wabadidizelisa.