7 Umthetho kaJehova uphelele,uvusa umphefumulo;ukufakaza kukaJehova kuqinisile,kuhlakaniphisa oyisiwula.
8 Imiyalo kaJehova ilungile,ijabulisa inhliziyo;umyalezo kaJehova uhlanzekile,ukhanyisa amehlo.
9 Ukumesaba uJehova kuhlanzekile,kumi kuze kube phakade;imithetho kaJehova iyiqiniso,ilungile yonke.
10 Inxanelekile kunegolide,kunegolide elihlanzekileyo eliningi;imnandi kunezinyosi,kunoju lwamakhekheba.
11 Nenceku yakho iyayalwa ngayo;oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.
12 Ngubani owazi iziphosiso zakhe na?Ngithethelele kwezisithekileyo.
13 Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo;mazingabusi phezu kwami.Yikhona ngiyakube ngiphelele,ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.