5 Siyahalalisa ngensindiso yakho,siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu;uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.
6 Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe:esezulwini lakhe elingcwele uyamphendulangamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.
7 Abanye izinqola, abanye amahhashi,kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.
8 Bayathoba, bawe;kepha thina siyavuka, sime.
9 Sindisa, Jehova!INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.