1 Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho;iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
2 Uyinikile njengokwenhliziyo yayo,nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela*
3 Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle;wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.
4 Yacela ukuphila kuwe,wayinika khona,izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.
5 Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho;udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.