2 Uyinikile njengokwenhliziyo yayo,nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela*
3 Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle;wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.
4 Yacela ukuphila kuwe,wayinika khona,izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.
5 Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho;udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.
6 Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade;uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.
7 Ngokuba inkosi iyethemba uJehova,nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.
8 Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho;esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.