7 Ngokuba inkosi iyethemba uJehova,nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.
8 Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho;esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.
9 Uyakubenza babe njengesithando somlilo,nxa ubonakalisa ubuso bakho;uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe,umlilo uyakubaqeda.
10 Isithelo sabo uyakusichitha emhlabenikanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.
11 Ngokuba babehlosa okubi,baceba icebo;kepha bayahluleka.
12 Ngokuba uyakubafulathelisa;ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.
13 Mawuphakame, Jehova,emandleni akho;thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.