23 Nina enesaba uJehova, mbongeni;nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni,nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.
24 Ngokuba akadelelanga,akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;akamfihlelanga ubuso bakhe,kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.
25 Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu;izithembiso zami ngiyakuzigcwalisaphambi kwabamesabayo.
26 Abamnene bayakudla, basuthe;abafuna uJehova bayakumdumisa;inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.
27 Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula,iphendukele kuJehova,nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.
28 Ngokuba umbuso ungokaJehova;nguye obusa izizwe.
29 Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke;bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe,naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.