1 UJehova ungumalusi wami,angiyikuswela.
2 Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
3 Ubuyisa umphefumulo wami;uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,angesabi okubi, ngokuba wena unami,intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.