1 Jehova, ngiphakamisela kuwena umphefumulo wami.
2 Nkulunkulu wami,ngiyethemba kuwe;mawungangijabhisi;izitha zami mazingethabi ngami.
3 Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo;bayakujabha abaphambuka ngeze.
4 Ngazise imendo yakho, Jehova;ngifundise izindlela zakho.
5 Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;ngilindela wena usuku lonke.
6 Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,ngokuba kukhona kwaphakade.