11 Ngenxa yegama lakho, Jehova,ngithethelele ukona kwami,ngokuba kukhulu.
12 Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na?Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.
13 Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama,inzalo yakhe iyakuzuza izwe.
14 Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo;uyakubazisa isivumelwano sakhe.
15 Amehlo ami akuye uJehova njalo,ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni.
16 Phendukela kimi, ube nomusa kimi,ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.
17 Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile;ngikhiphe ezinhluphekweni zami.