1 Ngahlulele, Jehova,ngokuba ngihamba ekulungeni kwami;ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
2 Ngivivinye, Jehova, ungilinge;hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.
3 Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;ngihamba eqinisweni lakho.
4 Angihlali nabantu bamanga,angihambelani nezimbulu.
5 Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,angihlali nababi.
6 Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,ngizungeza i-altare lakho, Jehova,
7 ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa,ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.