1 UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;ngizakwesaba bani na?UJehova uyinqaba yokuphila kwami;ngizakuba novalo ngobani na?
2 Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yamiabamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.
3 Noma impi imisa ngakimi,inhliziyo yami ayesabi;noma ngivukelwa ngukulwa,nokho nginethemba.
4 Kunye engikucele kuJehova,ngiyakufuna khona:ukuba ngihlale endlini kaJehovaizinsuku zonke zokuphila kwamiukubona ubuhle bukaJehova,ngibuke ithempeli lakhe.
5 Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhengosuku lokuhlupheka,angicashise ekusithekeni kwetende lakhe,angiphakamisele edwaleni.