3 Izwi likaJehova liphezu kwamanzi,uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma;uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.
4 Izwi likaJehova linamandla;izwi likaJehova linenkazimulo.
5 Izwi likaJehova liyaphula imisedari;*uJehova waphula imisedari yaseLebanoni.
6 ILebanoni ulitshekulisisa okwenkonyane,neSiriyoni njengethole lenyathi.
7 Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo.
8 Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane;uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.
9 Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala;lihluba amahlathi;nasethempelini lakhe konke kuthi: “Udumo!”