1 Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;mawungangijabhisi naphakade;ngikhulule ngokulunga kwakho.
2 Beka kimi indlebe yakho,ungophule masinyane,ube yidwala eliqinileyo kimi,indlu yezinqaba yokungisindisa.
3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;ngenxa yegama lakho uyakungihola,ungiqondise.
4 Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo,ngokuba wena uyinqaba yami.