1 Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;mawungangijabhisi naphakade;ngikhulule ngokulunga kwakho.
2 Beka kimi indlebe yakho,ungophule masinyane,ube yidwala eliqinileyo kimi,indlu yezinqaba yokungisindisa.
3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;ngenxa yegama lakho uyakungihola,ungiqondise.
4 Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo,ngokuba wena uyinqaba yami.
5 Ngibeka umoya wami esandleni sakho;uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.
6 Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize,kepha mina ngithemba uJehova.
7 Ngizakwethaba,ngijabule ngomusa wakho,ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami,wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;