4 Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo,ngokuba wena uyinqaba yami.
5 Ngibeka umoya wami esandleni sakho;uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.
6 Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize,kepha mina ngithemba uJehova.
7 Ngizakwethaba,ngijabule ngomusa wakho,ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami,wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
8 awunginikelanga esandleni sesitha,wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.
9 Yiba nomusa kimi, Jehova,ngokuba ngiyahlupheka;iso lami liyafa usizi,nomphefumulo wami nomzimba wami.
10 Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,neminyaka yami ekububuleni;amandla ami aphelile ngokona kwami,namathambo ami ancunzekile.