20 Ngokuba abakhulumi ukuthula,kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.
21 Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”
22 Uyakubona, Jehova; mawungathuli;Nkosi, mawungabi kude nami.
23 Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,Nkulunkulu wami, Nkosi yami,umele icala lami.
24 Ngahlulele ngokulunga kwakho,Jehova Nkulunkulu wami;mabangajabuli ngami.
25 Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:“He, kwaya ngesifiso sethu!”Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”
26 Mabajabhe,babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.