3 Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso;ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
4 Uceba okubi ecansini lakhe,uzimisa endleleni engalungile;okubi kakwenyanyi.
5 Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
6 Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;usindisa abantu nezilwane, Jehova.
7 Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.
8 Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.
9 Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.