30 Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha;ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.
31 Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe;izinyathelo zakhe azisheleli.
32 Omubi uqaphela olungileyo,ufuna ukumbulala.
33 UJehova akayikumnikela esandleni sakhe;akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.
34 Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe;uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba,ubukele lapho ababi bechithwa khona.
35 Ngambona omubi oyisidlovaezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;
36 kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho;ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.