1 Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zamiukuba ngingoni ngolimi lwami;ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo,omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”
2 Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle;kwavuswa ubuhlungu bami.
3 Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami;kwaphembeka umlilo ngisazindla;ngakhuluma ngolimi lwami.
4 “Jehova, ngazise ukuphela kwami,nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini;mangazi ukuthi ngingodlulayo.
5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla;imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe;impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje,noma eqine kangakanani. Sela*
6 “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje;impela uzikhathaza ngokuyize nje;unqwabela imfuyo,kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.