5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla;imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe;impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje,noma eqine kangakanani. Sela*
6 “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje;impela uzikhathaza ngokuyize nje;unqwabela imfuyo,kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
7 “Kalokhu-ke, Nkosi,ngilindele ntoni na?Ithemba lami likuwe.
8 Ngisindise kuzo iziphambeko zami,ungangenzi isithuko sesiwula.
9 Ngiyathula, angivuli umlomo wami;ngokuba nguwe okwenzileyo.
10 Susa kimi ukushaya kwakho,ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.
11 Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko,ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu;yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*