7 Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza;encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:
8 Ngiyathanda ukwenza intando yakho,Nkulunkulu wami,nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”
9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu;bheka, angizivalanga izindebe zami;Jehova, wena uyakwazi.
10 Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami;ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho;umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.
11 Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.
12 Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,iziphambeko zami zingificile,angaze ngaba nakubona;ziningi kunezinwele zekhanda lami;inhliziyo yami ingishiyile.
13 Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule;Jehova, mawuphuthume ungisize.