6 Nalapho kuza ozongibona,ukhuluma amanga;inhliziyo yakhe izibuthela ukonakala,abesephuma akhulume ngakho.
7 Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami:bangisongozela okubi, bathi:
8 “Into embi inamathele kuye;olele phansi kasayikululama.”
9 Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba,obedla isinkwa sami,ungiphakamisele isithende sakhe.
10 Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise,ukuze ngibaphindisele.
11 Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda,ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami.
12 Mina uyangimisa ebuqothweni bami;uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade.