1 Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.
2 Umphefumulo wami womela uNkulunkulu,uNkulunkulu ophilayo;ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?
3 Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku,ngokuba usuku lonke bathi kimi:“Uphi uNkulunkulu wakho na?”
4 Ngiyakukhumbula lokhu,ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami,njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulungenhlokomo yokwethaba nokubonga,ibandla ligubha umkhosi.
5 Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,uyaluze phakathi kwami, na?Methembe uNkulunkulu,ngokuba ngisezakumdumisangokusindisa kobuso bakhe.