10 Usihlehlisela emuva esitheni;abasizondayo bayaziphangela.
11 Usinikezele ukudliwa njengezimvu,wasihlakaza phakathi kwabezizwe.
12 Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize;awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.
13 Usenza isihlamba kubakhelwane bethu,inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo.
14 Usenza isaga kwabezizwe,banikine ikhanda phakathi kwabantu.
15 Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami,namahloni amboza ubuso bami
16 ngenxa yoklolodayo nojivazayo,ngenxa yesitha nomphindiseli.