19 uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe,usimboze ngethunzi lokufa.
20 Uma ngabe sikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu,sazelulela izandla zethu kunkulunkulu mumbe,
21 uNkulunkulu ubengayikukuhlola na?Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo.
22 Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke,siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa.
23 Vuka, Nkosi! Ulaleleni na?Vuka, ungasilahli njalonjalo.
24 Ubufihlelani ubuso bakho,ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na?
25 Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini;umzimba wethu unamathele emhlabathini.