2 Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho,kepha bona wabatshala;wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.
3 Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,nengalo yabo ayibasindisanga;kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,nokukhanya kobuso bakho,ngokuba wawubathanda.
4 Wena Nkulunkulu uyinkosi yami;yaleza ukusindiswa kukaJakobe.
5 Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu;ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo.
6 Ngokuba angiwethembi umnsalo wami,nenkemba yami ayingisindisi;
7 kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu,wajabhisa abasizondayo.
8 Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke;igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela*