7 Ukuthandile ukulunga,wakuzonda okubi:ngakho-ke uNkulunkulu,uNkulunkulu wakho,ukugcobile ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabangane bakho.
8 Zonke izingubo zakho ziqholiwe ngenhlaka, nenhlaba, nekasiya;*ezindlini zobukhosi zophondo lwendlovuukubethwa kwezingubhu zezintambo kukujabulisile.
9 Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabesifazane bakho abadumileyo;inkosikazi imi ngakwesokunene sakho,ihlobe igolide lase-Ofiri.
10 Mawuzwe-ke, ndodakazi,uqaphele, ubeke indlebe yakho,ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,
11 yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho,ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.
12 Indodakazi yaseTire, yebo, nabacebileyo babantubancenga umusa wakho ngesipho.
13 Indodakazi yenkosi inhle kakhulu, ilapho phakathi;ingubo yayo yalukiwe ngegolide.