1 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
2 Ngakho-ke asiyikwesabanokuba kuguquka umhlaba,nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,
3 nokuba amanzi alo ehlokoma,ekhephuza,nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela*
4 Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu,indlu engcwele yoPhezukonke.
5 UNkulunkulu uphakathi kwawo,awuyikuzanyazanyiswa;uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.
6 Izizwe ziyaxokozela;imibuso iyazamazama;uphumisela izwi lakhe,umhlaba uncibilike.
7 UJehova Sebawoti unathi;uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*